lungisa uxhumano kumadivayisi okulalelwayo kwe-bluetooth nezibonisi ezingaxhunywa kugesi ku-windows 10

Lungisa uxhumano kumadivayisi okulalelwayo kwe-Bluetooth nezibonisi ezingaxhunywa kugesi

Okulalelwayo kwe-Bluetooth

Uma ucindezela inkinobho ethiInkinobho yokuxhuma kusikhungo sesenzo ayiyitholi idivayisi yakho, zama okulandelayo:
Qiniseka ukuthi idivayisi yakho ye-Windows iyayisekela i-Bluetooth nokuthi ivuliwe. Uzobona inkinobho ye-Bluetooth kusikhungo sesenzo.


Uma ungayiboni inkinobho ye-Bluetooth, zama ukubuyekeza idrayiva yedivayisi yakho. Nansi indlela yokukwenza: Iya kokuthi Qala, faka okuthi Umlawuli Wedivayisi, kukhethe ohlwini lwemiphumela, bese kuthi, kokuthi Umlawuli Wedivayisi, thola idivayisi yakho, yiqhafaze kwesokudla (noma cindezela bese uyabamba), khetha okuthi Buyekeza Isofthiwe Yedrayiva, khetha okuthi Cinga ngokuzenzakalelayo isofthiwe yedrayiva ebuyekeziwe, bese ulandela zonke ezinye izinyathelo.
Uma i-Bluetooth ivuliwe, futhi idrayiva ibuyekeziwe, kodwa idivayisi yakho iqhubeka nokungasebenzi, zama ukukhipha idivayisi bese uyayibhangqa futhi. Nansi indlela yokukwenza: Iya kokuthi Qala, faka okuthi Amadivayisi, khetha okuthi I-Bluetooth, khetha idivayisi, khetha okuthi Khipha idivayisi, bese uzama ukubhangqa futhi.
Qiniseka ukuthi idivayisi yokulalelwayo evumela i-Bluetooth ivuliwe nokuthi iyatholakala. Indlela owenza ngayo lokhu iyehluka ngamadivayisi, ngakho hlola ulwazi oluze nedivayisi yakho noma iya kuwebhusayithi yomkhiqizi.

Amadivayisi we-Miracast

Uma ucindezela inkinobho ethiInkinobho yokuxhuma kusikhungo sesenzo ayiyitholi idivayisi yakho, zama okulandelayo:
Qiniseka ukuthi idivayisi yakho ye-Windows isekela i-Miracast ngokuhlola ulwazi oluze nayo noma ngokuya kuwebhusayithi yomkhiqizi.
Qiniseka ukuthi i-Wi-Fi ivuliwe.
Qiniseka ukuthi isibonisi ofuna ukusisebenzisa sisekela i-Miracast nokuthi sivuliwe. Uma singayisekeli, uzodinga i-adaptha ye-Miracast (ngezinye izikhathi esibizwa ngokuthi “idongeli”) exhunywa kumbobo ye-HDMI.

Amadivayisi we-WiGig

Uma ucindezela inkinobho ethiInkinobho yokuxhuma kusikhungo sesenzo ayiyitholi idivayisi yakho, zama okulandelayo:
Qiniseka ukuthi idivayisi yakho ye-Windows isekela i-WiGig nokuthi ivuliwe. Uma i-PC yakho isekela i-WiGig, uzobona inkinobho ye-WiGig kokuthi Amasethingi > Inqubo yendiza.
Qiniseka ukuthi isibonisi sisekela i-WiGig. Uma singayisekeli, uzodinga idokhi ye-WiGig.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *