izindlela zokufaka eziseqophelweni eliphezulu zezilimi zase-east asia

Izinketho zendlela yokufaka eziseqophelweni eliphezulu namathuluzi

Sebenzisa umhleli wendlela Yokufaka Ye-Microsoft (I-IME) ukuze ubhale ngezilimi zase-East Asia ozifake ku-PC yakho.
Qhafaza kwesokudla isibonisi sendlela yokufaka ukuze ushintshe izinqubo zokufaka, vula iphedi ye-IME, noma vula amasethingi e-IME engeziwe. Kwezinye izilimi, uzoba nezinketho ezengeziwe, njengethuluzi lesichazamazwi lesi-Japanese.

izindlela zokufaka eziseqophelweni eliphezulu zezilimi zase-east asia
izindlela zokufaka eziseqophelweni eliphezulu zezilimi zase-east asia

Engeza igama kusichazamazwi sesi-Japanese

I-IME ingakwazi ukuthola amakhandidethi engeziwe lapho uvula isiphakamiso sefu, esisebenzisa i-Bing ukuze isize ukubikezela lokho okubhalayo. Ukuze uyivule, qhafaza kwesokudla kusibonisi sendlela yokufaka bese ukhetha okuthi Izici. Bese ukhetha okuthi Okuseqophelweni Eliphezulu bese uvula ithebhu Yokokufaka Okubikezelayo. Khetha ibhokisi lokuqoka eliseduze kokuthi Sebenzisa isiphakamiso sefu.
Ukuze wengeze igama kusichazamazwi ngokwakho, iya kokuthi Amasethingi bese ukhetha okuthi Isikhathi Nolimi Ukusuka lapha, iya kokuthi Isifunda Nolimi bese ukhetha ulimi, ngokwesibonelo, Isi-Japanese (日本語 ). Khetha Izinketho. Manje engeza igama elisha nencazelo yalo, noma hlela igama elikhona kakade usebenzisa Ithuluzi Lesichazamazwi Somsebenzisi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *