Indlela yokuvikela i-PC yakho ye-Windows 10
Zikuphi Izidingo Zokuvikeleka?
Uma une-Windows 10, ngeke ukwazi ukuthola Izidingo Zokuvikeleka kwe-Windows. Kodwa awuyidingi, ngenxa yokuthi usunayo kakade i-Windows Defender, ekunikeza izinga lokuvikeleka elifanayo.
Kubha yokucinga, thayipha okuthi I-Windows Defender.
Khetha okuthi I-Windows Defender kumiphumela. Uzokwazi ukuhlola ikhompyutha yakho nezinga lakho lokuvikeleka kugciwane.
Vula noma vala i-Windows Defender
Ku-Windows 10, i-Windows Defender ihlale njalo ivuliwe futhi isebenza ukuvikela i-PC yakho. Izozicisha uma ufaka enye i-app yokulwa namagciwane.
I-Defender isebenzisa ukuvikeleka kwesikhathi sangempela ukuskena amafayela owengeze noma owasebenzisa ku-PC yakho. Cisha ukuvikeleka kwesikhathi sangempela okwesikhashana ngokuya kokuthi Amasethingi > Ukubuyekeza nokuvikeleka > I-Windows Defender.