Ngiyibuyekeza kanjani i-Windows 10?
Ngezikhathi ezithile i-Windows 10 ihlola izibuyekezo ukuze wena ungakwenzi. Uma isibuyekezo sitholakala, sehliswa ngokuzenzakalelayo bese siyafakwa — sigcine i-PC yakho ibuyekeziwe ngezici zakamuva.
Ukuze uhlole izibuyekezo manje, iya kokuthi Amasethingi > Ukubuyekeza nokuvikeleka > I-Windows Update, bese ukhetha okuthi Hlola izibuyekezo. Uma i-Windows Update ithi i-PC yakho ibuyekeziwe, unazo zonke izibuyekezo ezitholakalayo okwamanje.