guqula injini yokucinga emisiwe ku-microsoft edge

I-Microsoft incoma i-Bing ukuze uthole okuhlangenwe nakho kokucinga okuthuthukisiwe ku-Microsoft Edge nge-Windows 10. Ukugcina i-Bing njengenjini yakho yokucinga emisiwe kukunikeza:
Izixhumanisi eziqondile kuma-app we-Windows 10, kukuyisa ngokuqondile kuma-app wakho ngokushesha.
Iziphakamiso ezifaneleka nakakhulu ezisuka ku-Cortana, umsizi wakho wedijithali womuntu siqu.


Usizo olusheshayo lokukusiza uthole okungcono kakhulu okusuka ku-Microsoft Edge ne-Windows 10.
Kodwa i-Microsoft Edge isebenzisa ubuchwepheshe be-OpenSearch, ngakho ungakwazi ukushintsha injini yokucinga emisiwe.
Kusiphequluli se-Microsoft Edge, faka iwebhusayithi yenjini yokucinga (ngokwesibonelo, www.contoso.com) bese uvula lelo khasi.
Khetha okuthi Izenzo ezengeziwe (…) > Amasethingi bese uphenya phansi ukuze ukhethe okuthi Buka amasethingi aseqophelweni eliphezulu. Ohlwini ngaphansi kokuthi Cinga endaweni yamakheli ngokuthi, khetha okuthi Guqula.
Khetha iwebhusayithi yakho yenjini yokucinga bese ukhetha okuthi Misa njengokumisiwe. Uma ungayikhethi injini yokucinga, inkinobho ethi Misa njengokumisiwe izokwenziwa ibe mpunga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *