indlela yokusebenzisa ama-alamu ku-windows 10

Indlela yokusebenzisa i-app ethi Ama-Alamu Newashi

Nqaba noma lalisa ama-alamu

Ama-alamu azokhala ngisho nalapho i-app ivaliwe, umsindo uthulisiwe, i-PC yakho ikhiyiwe, noma (kwamanye amalepthophu amasha noma amathebhulethi ane-InstantGo), ekunqubo ethi Lala. Kodwa ngeke asebenze uma i-PC yakho icashisiwe noma ivaliwe.

Qiniseka ukuthi ugcina i-PC yakho ixhunywe emandleni e-AC ukuze uyivimbe ingacashiswa.
Ukuze ulalise noma unqabe i-alamu:
Kusaziso esivelayo, khetha okuthi Nqaba ukuze uyivale, noma Lala ukuze uyivumele iphinde ikhale ngemva kwesikhashana.
Uma isaziso sivaleka ngaphambi kokuthi ufike kuso, khetha uphawu lwesikhungo sesenzo ekhoneni lesokudla elingezansi ukuze usibone ohlwini bese usikhetha lapho.
Uma isikrini sakho sikhiyiwe, isaziso se-alamu sivela ngaphezulu kwesikrini sokukhiya, futhi ungasivala lapho.

Yini entsha

I-app ethi Ama-alamu Newashi ihlanganisa iwashi le-alamu namawashi omhlaba, isibalisikhathi, newashi elimisa isikhathi. Nazi izinto ezimbalwa ongazenza ngale app:
Izwa, lalisa, nqaba ama-alamu ngisho nalapho isikrini sikhiyiwe noma umsindo uthulisiwe
Khetha imisindo ehlukile noma umculo wakho siqu njenge-alamu
Qhathanisa izikhathi zomhlaba wonke

Amawashi omhlaba

Nansi indlela yokwengeza indawo bese uqhathanisa izikhathi zomhlaba wonke:
Ku-app ethi Ama-alamu Newashi, khetha okuthi Iwashi Lomhlaba, bese ukhetha okuthi Okusha + ezansi.
Faka izinhlamvu zokuqala ezimbalwa zendawo oyifunayo, bese uyikhetha ohlwini olwehliswayo. Uma ungayiboni oyifunayo, faka enye indawo esendaweni yesikhathi efanayo.
Khetha okuthi Qhathanisa izikhathi (amawashi angu-2 ezansi), bese uhambisa isinciphisi ukuze ukhethe isikhathi esisha sokuqhathanisa. Khetha indawo kumephu ukuze ushintshe ukuthi iyiphi indawo isinciphisi esibhekisela kuyo.
Ukuze uphume kunqubo ethi Qhathanisa Izikhathi, khetha inkinobho ethi Emuva, noma cindezela okuthi Esc.

indlela yokusebenzisa ama-alamu ku-windows 10
indlela yokusebenzisa ama-alamu ku-windows 10

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *