lungisa uxhumano lwamadivayisi alalelwayo e-bluetooth nezibonisi ezingaxhunyiwe kugesi kuselula ye-windows 10

Lungisa uxhumano kumadivayisi okulalelwayo kwe-Bluetooth nezibonisi ezingaxhunywa kugesi

Okulalelwayo kwe-Bluetooth

Uma ukucindezela inkinobho ethiXhumakusikhungo sesenzo kungayitholi idivayisi yakho yokulalelwayo evumela i-Bluetooth, zama lokhu:
Qiniseka ukuthi idivayisi yakho ye-Windows iyayisekela i-Bluetooth nokuthi ivuliwe. Uzobona inkinobho ye-Bluetooth kusikhungo sesenzo.


Qiniseka ukuthi idivayisi yokulalelwayo evumela i-Bluetooth ivuliwe nokuthi iyatholakala. Indlela owenza ngayo lokhu iyehluka kuye ngamadivayisi, ngakho hlola ulwazi oluze nedivayisi yakho noma iya kuwebhusayithi yomkhiqizi.
Uma ufuna amadivayisi avumela i-Bluetooth ngaphandle kokulalelwayo, iya ekhasini elithi Amasethingi E-Bluetooth. Iya kokuthi Amasethingi, khetha okuthi Amadivayisi, khetha okuthi I-Bluetooth, khetha idivayisi, khetha okuthi Khipha idivayisi, bese uzama ukubhangqa futhi.

Amadivayisi we-Miracast

Uma ukucindezela inkinobho ethiXhumakusikhungo sesenzo kungayitholi idivayisi yakho, zama lokhu:
Qiniseka ukuthi idivayisi yakho ye-Windows isekela i-Miracast ngokuhlola ulwazi oluze nayo noma ngokuya kuwebhusayithi yomkhiqizi.
Qiniseka ukuthi i-Wi-Fi ivuliwe.
Qiniseka ukuthi isibonisi ofuna ukusisebenzisa sisekela i-Miracast nokuthi sivuliwe. Uma singayisekeli, uzodinga i-adaptha ye-Miracast (ngezinye izikhathi ebizwa ngokuthi “idongeli”) exhunywa embotsheni ye-HDMI.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *